Ushonile ogxotshwe yindlovu ezama ukuthatha ama-selfie nayo

2017-02-22 16:01

Bulilima – Indoda yaseBulilimamangwe ePlumtree, eZimbabwe, kubikwa ukuthi igxotshwe yizindlovu ngesikhathi yona nabangani bayo bezama ukuthatha izithombe, ama-selfie, nezindlovu.

Ngokusho kwephephandaba iChronicle, amaphoyisa aqinisekise isigameko, athi senzeke ngoMgqibelo odlule.

UMoses Ndlovu, 31, nabangani bakhe ababili uMethuseli Sibanda noMagezi Nyathi kubikwa ukuthi babona izindlovu ezintathu ehlathini bazama ukuzikhipha kulo ukuze bezokwazi ukuthatha kahle ama-selfie nazo.

OLUNYE UDABA: Owesilisa uhlaselwe ibhubesi

Lezi zindlovu kuthiwa zivele zaqonda ngqo kubo babaleka endaweni yeisgameko.

Ngesikhathi bebalekela izindlovu, babe sebehlukana.

Enye indlovu ibe isigijima yafica uNdlovu yamgxoba waze washona kwathi abangani bakhe bakwazi ukubaleka ngaphandle kokulimala, kusho umbiko.

Isidumbu sikaNdlovu sitholwe ngosuku olulandelayo sesitholwa ngabantu ababedlula ngendlela, okuyibo ababikela umholi wesigodi.

UNdlovu ubelimele kabi emzimbeni.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...