Usheshe wafika uKhisimusi kohlala emgwaqeni, ethola u-R4.78bn

2017-12-14 07:02

Bobigny, - UKhisimusi usheshe wafika kowesilisa ohlala emgwaqeni eFrance, ofice umnyango uvuliwe emahhovisi enkampani egcina imali…washaya wachitha nemali engu-300,000 euros (R4.78-billion).

Owesilisa ubelokhu ehamba evula imigqomo kadoti efuna ukudla eCharles de Gaulle Airport, enyakatho-mpumalanga yeParis ngoLwesihlanu ngesikhathi ebona umnyango ovuliwe eLoomis cash-management company.

Umnyango umholele lapho bekugcinwe khona izikhwama ezimbili ebezigcwele imali.

OLUNYE UDABA: Ibhungu livume icala lokubulala nelokudlwengula

Umseshi, eqinisekisa udaba oluqale lavela ephephandabeni iLe Parisien, lento iyamangaza, wathi akazi ukuthi kungani umnyango ubushiwe uvuliwe.

"Siqale sazitshela ukuthi yinto eyenziwe ngamabomu lena, kodwa kubukeka sengathi kubeyinhlanhla nje. Kuyamangaza,” kusho umthombo wamaphoyisa utshela i-AFP.

Abasheshi basathungatha umsolwa, okukholakala ukuthi uneminyaka eko-50 ubudala kodwa amaphoyisa asesikhumulweni sezindiza ayamazi.

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...