Ushe kabi ongene endlini evuthayo ezama ukusindisa ubaba wakhe

2018-03-10 13:11

Beijing – Uthungeleke ngomlilo owesilisa obuyele endlini ebisha ubuhanguhangu ngenhloso yokuzama ukuhlenga ubaba wakhe obengaphakathi.

ULi Mengshu waseKaiyang County, eGuizhou, eChina, usehlale egumbini lababambekile esibhedlela amasonto amathathu.

Odokotela badalule ukuthi le ndoda, 36, ibingeke isinde uma ibingekho iminikelo eqhamuka kuhulumeni nasemphakathini.

UMengshu ushe cishe umzimba wonke ngesikhathi ezama ukuhlenga ubaba wakhe ngesikhathi indlu yakubo igqamuka umlilo.

Udadewabo kaMengshu, uXuxiang, uthe lo mlilo uqale emcimbini womndeni kubungazwa iChinese New Year ngomhlaka-16 Febhuwari.

Ngenhlanhla abafowabo ababili nomama wakhe bakwazi ukubaleka, kepha uMengshu waphindela emuva eyotakula ubaba wakhe owayevaleleke endlini, nokho kwazinhlanga zimuka nomoya.

UMengshu usehlinzwe kaningi kepha akakasizakali ngokugcwele.

- YOU

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...