Ushayasibhamu ubulale 26 esontweni eTexas

2017-11-06 07:00

Washington - Indoda ebihlome ngesibhamu ivulele ngenganono ibhekise kubazalwane esontweni eliseTexas ngesikhathi kuqhubeka inkonzo ngeSonto ekuseni.

Kulesi sigameko esishiye izakhamuzi zaseMelika zishaqekile kushone abantu abangu-26 kwalimala abangu-20.

Iziphathimandla bezingakayihlonzi le ndoda kodwa zithe yindoda esencane yebala elimhlophe eneminyaka ebalekwa kweko-20 ubudala, ebigqoke i-bulletproof futhi etholwe iyisidumbu emotweni yayo.

Izisulu ezineminyaka ephakathi kwengu-5 nengu-72 ubudala zidutshulwe zabulawa esontweni iFirst Baptist Church eSutherland Springs.

UMengameli waseMelika uDonald Trump kanjalo nezinye izikhulu, udlulise amazwi enduduzo emndenini elahlekelwe ngamalungu.

 - Twitter:

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...