Ushaqekile owesifazane ethelwa yisidoda emqaleni
2017-04-04 14:00
Charleston - Uthuke isimanga owesifazane ezwa kugijima uketshezi oluntukuntuku emqaleni esesitolo esikhulu, iWalmart.
Lo wesifazane ube eseqalaza ezama ukubona ukuthi ngabe aqhamuka kuphi la manzi, wathi uma ephenduka wabona umuntu wesilisa ephethe umjovo.
UTimothy D. Blake, 28, eWest Virginia, okuthiwa upake iloli yakhe eceleni kwesitolo sakwaWalmart wazimeteza kuyo wabe esethatha isidoda sakhe wasifaka umjovo.
OLUNYE UDABA:Umlisa ufake isidoda etiyeni likazakwabo
UBlake akagcini ngokwenza la manyala, kodwa uthatha isidoda sakhe ahambe ethela ngaso abantu besifazane ngaphakathi esitolo sakwaWalmart.
Ngokusho kwabezindaba iSentinel neParkersburg lokhu akusikho okokuqala kwenzeka.
- RelayHero
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter
- News 24