Usesitokisini umama wengane eyabonakala ibhema 'insangu' kwi-video, kuFacebook

2018-03-23 18:00

North Carolina - Ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela owesifazane oneminyaka engu-20 ubudala eNorth Carolina, eMelika ngoLwesithathu ngemuva kokuzungeza kwe-video etshengisa ingane yakhe ibhema insangu ezinkundleni zokuxhumana.

Kule video eyimzuzwana engu-10, kubonakala umuntu omdala efaka ingane ugwayi emlonyeni, kubika iThe Washingtobn Post. Le ngane ibe isinyakaza ngaphambi kokuwudonsa, iwuphafuza.

Inqwaba yabantu abazwakalisa ukuthukuthela enkundleni yezokuxhumana iFacebook, babikela amaphoyisa ngale video ngoLwesithathu ekuseni bacela ukuba lo mama aboshwe.

OLUNYE UDABA:Usobishini owakhiphela izingane zasenkulisa 'ezihluphayo' ummese

Ukuthi le video isabalale kanjani kuFacebook nokuthi ubani oyifakile, akucaci.

UBrianna Ashanti Lofton uboshwe ngoLwesithathu kanti ingane yona igcinwe endaweni ephephile.

ULofton ubebhekene namacala amabili; elokutholakala nensangu nelokuhlukumeza ingane nakuba kungakacaci ukuthi ingane ngabe ibibhema insangu yini noma cha.

Amaphoyisa aseRaleigh eNorth Carolina abonge amalungu omphakathi ekhasini likaFacebook izolo.

"Siyabonga kakhulu ngosizo lomphakathi. Sibonga ukuzibandakanya kwenu, ingane isendaweni ephephile kanti umama wayo ugcinwe esitokisini," kufundeka umbhalo okuFacebook.

- Facebook:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...