Usejele uthisha ofundisa ezenkolo osolwa ngokuzibandakanya ocansini nomfundi

2018-03-16 16:00

Calhoun County - Uthisha wephule ubudlelwano bokuthembeka kubazali nabafundi ngokuzibandakanya ocansini nomfundi, lokhu kungokusho kwamaphopyisa e-Alabama.

Amaphoyisa aseCalhoun County athe lo thisha oneminyaka engu-28 ubudala ogama lakhe nguStephanie Henry Pruett uboshwe ngemuva kwezinsolo zokuzibandakanya ocansini nomfundi oneminyaka engu-17 ubudala ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.

UPruett othweswe icala lokuzibandakanya ocansini nomfundi usasetokisini njengoba kulindwe ukuba afake isicelo sebheyili.

OLUNYE UDABA:Ona-14 ubulawe ngunina ngokuzibandakanya ocansini nezidakamizwa

Lo thisha uma engase alahlwe yicala angagwetshwa iminyaka engu-20 ejele.

Ngokophenyo lwamaphoyisa, uPruett ushadile futhi unezingane.

UPruett ubefundisa ezenkolo nesifundo se-History esikoleni iWeaver High.

Lo thisha kuthiwa uqale ukuzibandakanya ocansini nomfundi wakhe oneminyaka engu-17 ubudala kwaze kwaphela izinyanga ezingu-5 kuqhubeka lobu budlelwane.

Lolu daba luvele ngemuva kokuba ezinye izisulu zakhe ezimbili zibikile ngalokhu kuhlukunyezwa.

Abazali bathukuthele bagane unwabu ngemuva kokuzwa lokhu. Abesikole iWeaver High banike lo thisha ilivu eyisipesheli.

 - WWWW

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...