Usejele ubaba osolwa ngokudlwengula amadodakazi akhe

2018-03-19 12:48

Minnesota - Kuboshwe ubaba ngezinsolo zokuzibandakanya ocansini namadodakazi akhe angamawele.

Ngokusho kwamaphoyisa eMinnesota, uJerry Lee Curry, 51, waqala ukunukubeza amadodakazi aykhe ngesikhathi esasengamantombazane amancane, eyodwa yawo isiqalile ukuzibandakanya ocansini.

UCurry wayewancisha ukudla, ewashaya ephinde ewabophela esicabheni ngeketange.

OLUNYE UDABA:Usejele uthisha ofundisa ezenkolo osolwa ngokuzibandakanya ocansini nomfundi

La mantombazane achazwe wumshushisi ukuthi asemancane futhi "akhubazekile ngokomqondo" kusolwa nokuthi wayewadlwengula.

Kuzwakale nokuthi sekukabili enye yala mantombazane izithola ikhulelwe, yabeletha ingane yokuqala ngoJuni 2014 nango-Okthoba 2017. Enye yamalantombazane yeqa kubo yayifuna usizo emaphoyiseni.

La mawele aneminyaka ebalelwa kweko-20 ubudala, nenye intombazane, 10, asehlala endaweni ephephile. Yize kunjalo kuthathe amaphoyisa isikhathi eside ukuthola ubufakazi bokuqinisa leli cala elibhekene noVurry nophathina wakhe.

UCurry useboshiwe kodwa amaphoyisa asathungatha uphathina wakhe, uSheilia Machelle Wilson, obhekene necala lobudedengu.

UCurry, oseke waboshelwa icala lokushaya nokushayela ephuzile ugqunywe esitokisini.

 - wwww

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...