Useboshiwe oweqa ejele eminyakeni engu-35 eyedlule

2018-04-14 12:32

Oklahoma City - Amaphoyisa ase-United States athi isiboshiwe indoda eyeqa ejele lase-Oklahoma eminyakeni engaphezu kwengu-35 eyedlule.

Le ndoda iboshwe eTexas.

Amaphoyisa athe uStephen Micheal Paris, 58, uboshwe ngoLwesine ekuseni esehhovisi lapho abesebenza khona ebizwa ngelinye igama.

OLUNYE UDABA:Useze waboshwa obefunelwa uhide lwamacala

Kuhlolwe ama-fingerprint kuqinisekiswa ukuthi ngabe nguye ngempela yini.

UParis weqa ejele iJess Dunn eMuskogee, e-Oklahoma, ngo-Okthoba 1981 ngemuva kokudonsa izinyanga ezingu-19 ejele zesigwebo sakhe seminyaka engu-9.

UParis walahlwa yicala lokutholakala nezidakamizwa kanye nokuzaba. Wafakwa ohlwini lwabantu abafunekayo (most wanted).

Amaphoyisa athi abaseshi baze bamthola ngemuva komngcwabo kamama wakhe ngesikhathi eyingxenye yomlando wakhe eHousten, kubhalwe ngendodana yakhe uStephen Michael Chavez.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...