Usale ushaqekile umphakathi izinja ezihlala endle zibulala izingane ezingu-6

2018-05-07 19:27

Amaphoyisa athi izinja zasendle ezicanasayo zibulale izingane eziyisithupha ngesonto eledlule enyakatho yeNdiya, kanti izakhamuzi kuthiwa zisale zikhungathekile njengoba ezinye zingasazivumeli izingane zazo ukuba ziphumele emnyango.

Ezinye izakhamuzi sezithathe isinqumo sokubulala zonke izinja ezihlangana nazo.

Lezi zingane zibulawe yilezi zilwane eSitapur namaphethelo, okungamakhilomitha angu-80 ukusuka eLucknow, okuyinhlokodolobha yase-Uttar Pradesh.

OLUNYE UDABA: Lushonile usana olunezinyanga luzelwe olulunywe yinja lusendlini

Isikhulu samaphoyisa u-Anand Kulkarni uthe lezi zigameko imvamisa zenzeka uma izingane ziyokha umango noma ziyozikhulula ezindlini zangasese ezingaphandle.

Iningi lemizi kuleya ndawo ayinazo izindlu zangasese ezindlini.

INdiya inezigidi zezinja ezingenabanikazi, ezizicanasela emigwaqeni ngisho ezindaweni ezihlala omntakabani.

Yize ukulunywa yinja kuvamile, kepha akuvamile ukuthi zibulale abantu abaningi endaweni eyodwa.


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...