Usabisa ngokuzibulala ubaba osolwa ngokubulala amawele akhe

2017-04-19 16:03

Cape Town – Owesilisa odabuka kwelaseSpain usolwa ngokubulala amawele akhe aneminyaka emithathu ubudala.

Lo baba osebenza njengodokotela wamazinyo kuthiwa waqasha umuzi eKapa isikhathi esingamasonto amathathu ngesikhathi evakashele indodana yakhe, 7, kanye namawele akhe uMaximo no-Octavia.

Emasontweni amabili adlule, umsolwa wathinta lowo owayengumkakhe uJulia Engelhorn, emumemela isidlo sasemini.

Ngesikhathi efika uJulia, umsolwa wamtshela ukuthi usewabulele amawele abo.

"Umama walezi zingane waphuthuma egumbini lokulala lapho athola khona izingane zakhe zidindilizile. Indodana,7, yasinda ngoba yayisesikoleni,” kusho umshushisi uBenito Adonis.

Kuthiwa umsolwa wayehlome ngommese efuna nokubulala lo mama wezingane zakhe.

OLUNYE UDABA:Omunye ovele kwividiyo kathisha uselaxazwe ubaba wengane yakhe

Uvele kancane eNkantolo kaMantshi eWynberg lapho okuvele khona ukuthi unokuphazamiseka engqondweni kanti nomzimba wakhe untekenteke.

Ummeli wakhe, uWilliam Booth, uthe udokotela wengqondo uTuviah Zabow uvakashele uMario-César Deus Yela, 48,  esibhedlela esisejele iPollsmoor ngempelasonto.

“Ubonakala enezimpawu zokufuna ukuzibulala. Ngikhathazekile ngesimo semizwa yakhe nokuba ntekenteke komzimba wakhe,” kusho uBooth.

Lo mmeli uthe bazoqhubeka nokufaka isicelo sokuba umsolwa ahlolwe yithimba lodokotela bengqondo kanti lokho kuzokwenzeka kuphela uma bethola idokodo eliveza indlela uYela ayeziphatha ngayo ngaphambi kokushona kwamawele kanye nendlela aziphathe ngayo eseshonile.

ULouise Friester-Sampson ongumshushisi woMbuso okunguyena obehola ukuqulwa kwesicelo sebheyili uthe bayasiphikisa isicelo sokuhlolwa kwalo mlisa ingqondo futhi bazosiphikisa nesicelo sebheyili.

UBooth ubefuna nokuthi umsolwa adluliselwe esibhedlela iVictoria kodwa iMantshi uGoolam Bawa usikhahlelile lesi sicelo wathi ithimba labezempilo ejele iPollsmoor kumele liqhubeke nomsebenzi walo futhi liqhubeke nokuqapha isimo sikaYela.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Decreasing cloudiness. Warm. PE: 16-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...