Uphinde washona otholwe ephila emakhazeni

2017-09-08 19:26

London - Amalungu omndeni wowesifazane athuke isimanga ngesikhathi ethola ukuthi isihlobo sawo siyaphila yize besisemakhazeni.

Ngokusho kwabezindaba, iMirror, izihlobo zishaqekile zibona 'umufi' oyilungu esaphila ngesikhathi beyombona okokugcina.

'Umufi' uhlonzwe ngelikaRathnam, 40, okwabikwa ukuthi izitho zomzimba azisasebenzi kulandela ukuxinwa yisifo i-jaundice.

OLUNYE UDABA:Umndeni ukhala ngongeniswe esibhedlela wagulela ukufa

URathnam, 'washona' esendleleni ebheke ekhaya ephuma esibhedlela, ngemuva kokuba umndeni wakhe uqoke ukumkhipha esibhedlea ukuze ezochitha izinsuku zakhe zokugcina nawo.

Ngeshwa, uRathnam washona okwangempela ngemuva kwesikhashana ngemuva kokungeniswa esibhedlela okwesibili ngemuva kwamahora ambalwa ekhishwe emakhazeni.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-27°C Numerous showers. Partly sunny. Warm.
Jhb: 14-22°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 12-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...