Ungeniswe esibhedlela esezidubule 'induku' obezama ukubamba inkunzi

2017-11-11 13:00

Chicago - Isigameko sokubanjwa kwenkunzi asihambanga njengokuba bekuhleliwe ngesikhathi isigebengu siphetha ngokuzidubula ‘induku’ ngephutha.

Ngokombiko weChicago Sun Times, uTerrion Pouncy,19, uhlasele izisebenzi lapho kudayiswa khona ama-hot dog eSouth Side, eChicago ngoLwesinbili olwedlule, efuna izikhwama nemali.

UPouncy kuthiwa ukhombe ngesibhamu esinye sezisebenzi esineminyaka engu-39 ubudala.

Isisebenzi sitshele ozakwabo ukuba banikeze uPouncy izikhwama zabo zemali kanye namali yasesitolo njengokusho kwakhe.

Kodwa ngesikhathi ozakwabo besanikeza uPouncy izikhwama kanye nemali, kuvele kwawa phansi ibhakede elinamafutha kanye nemali.

Kuthiwa yilapho-ke la izinto zivele zenzeka khona ngenye indlela kuPouncy.

Esakhombe ngesibhamu izisebenzi, uPouncy ugobile ezama ukucosha imali ewele phansi ngesikhathi kuwa namafutha.

OLUNYE UDABA: Owesilisa ubulale ngesihluku onqabe umshado

Kuthe esezama ukubaleka endaweni yesigameko, wafaka isibhamu ebhulukweni ngasesiswini…kanti uzodonsa i-trigger ngephutha, wazidubula.

Engasakwazi ukuhamba kahle, uPouncy ubanjwe yizisebenzi, zamwisela phansi. Ngemuva kwalokho, uPouncy uqulekile.

Kubizwe amaphoyisa, waphuthunyiswa esibhedlela, nokuyilapho kutholakale khona ukuthi udubuleke ‘induku’.

Amaphoyisa athole kuyena imali kanye nesibhamu.

UPouncy usasesibhedlela, kanti ulimele kabi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...