Umvusankunzi uthandwa kakhulu yizinsizwa - Umbiko

2017-09-11 19:29

New York - Izinga lezincwadi zodokotela zokuthenga amaphili ohlobo lwe-Viagra kanye namanye omvusankunzi selikhule ngokuphindwe kathathu, eMelika.

Ngonyaka odlule kwakukhishwe izincwadi ezilinganiselwa ezigidini ezintathu, kubika iDaily Mail.

Odokotela bathi la maphilisi athandwa kakhulu yizinsizwa ezisezintsha ezibuka kakhulu amafilimu ocansi nezithola ingcindezi yokuthi zikhiphe unyawo embhedeni.

OLUNYE UDABA:Ukhala ezimathonsi owaqolwa ezama ukukhulisa 'induku'

Abanye odokotela bathii ukungaxwaywa kwala maphilisi kanye nokushibha kwawo yikhona okwenza athengwe kakhulu.

Abe-NHS Digital babonisa isibalo esingu-2 958 199 sezincwadi ezikhishwe ngodokotela ngokuthenga amaphilisi omvusanduku.

Amanani ala maphilisi ehla kakhulu ngonyaka ka-2013 ngesikhathi abakhiqizi bawo iPfizer baphelelwa yincwadi egunyaza ukuthi kube yibona bodwa abakhiqiza lolu hlobo lwamaphilisi.

- Daily Mail

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 12-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...