Umndeni uzonxeshezelwa ngo-R60m ngokushona kukababa wekhaya

2016-09-15 16:03

Honolulu – Umfelokazi nezingane zowesilisa owaya esibhedlela sasemakhaya eHawaii ephethwe wumphimbo ngo-2013, wagcina ngokushona, bazothola u-$4.2m (okuyimali elinganiselwa ku-R60m) benxeshezelwa uhulumeni, kusho ummeli womfelokazi ngoLwesithathu.

Funda nalolu daba: Kungenzeka kube ngeyomuntu inhliziyo etholakale esigangeni

U-Antonio Marrero, 32, waya eWaianae Coast Comprehensive Health Centre, nokuyilapho ahlolwa khona ngudokotela kwatholakala ukuthi unamathansela wabesedluliselwa kudokootela obhekele izindlebe, amakhala kanye nemiphimbo, kusho ummeli uRichard Fried.

Udokotela wathatha isinqumo sokuba aphinde amhlole, kodwa uMarrero waquleka, washona, kusho uFried.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...