Umlilo ubulale izingane ezingu-11 ezisanda kuzalwa esibhedlela

2016-08-10 12:31

Baghdad – Okhulumela uMnyango wezeMpilo e-Iraq uthi umlilo oqubuke ebusuku esibhedlela esiseBaghdad ubulale izingane ezingu-11 ebezisanda kuzalwa.

U-Ahmed al-Roudaini, uthe lo mlilo uqubuke ngoLwesibili ebusuku ophikweni okubelethelwa kulo eYarmouk Hospital, esentshonalanga yeBaghdad.

OLUNYE UDABA: Umlilo ubulale izingane ezimbili

Uthe uphenyo lokuqala luveze ukuthi lo mlilo uqalwe ugesi obunenkinga.

Kuthiwa kukhishwe abantu besifazane abangu-29 nezingane eziyisikhombisa kule wadi elithungelwe ngumlilo.

Imililo equtshulwa wugesi ivamile e-Iraq ngenxa yokuxhunywa kukagesi ngendlela engeyiyo.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...