Umisiwe esikoleni umfana onikeze intombazane 'i-hug ende kakhulu'

2017-12-23 14:08

New Delhi - Uthishanhloko wesikole esiseNdiya uvikele isinqumo sakhe sokumisa umfundi wesilisa kulandela ukuthi enikeze uzakwabo "i-hug ende", wathi uzimisele ngokuyimela imithetho yesikole ngisho enkantolo.

Sekuqubuke umsindo esikoleni esiseningizimu yeKerala ngemuva kokumiswa kwalo mfana, 16, ngo-Agasti ngokwanga umngani wakhe oyintombazane kanye nokufaka izithombe zabo bobabaili ezinkundleni zokuxhumana.

Lo mfana wasidlulisa isinqumo kwase kwathathwa isinqumo sokuthi kumele avunyelwe ukuqeda isikole.

Kepha ngesonto eledlule iSt Thomas Central School yakwazi ukuvimbela umyalelo wenkantolo - okudale ukuthi abazali balo mfana nabo baphonsele isikole inselelo besola izikhulu zesikole ngokugagamela.

OLUNYE UDABA: Kumiswe uthisha ngezinsolo zokunukubeza abafundi abangu-9 ngocansi

"Kungani indodana yami ingavumelekile ukuzikhipha nentombi yayo? Intombazane kanye nabazali bayo abazange bazwakalise ukuthi kabahambisani nalokho," kusho ubaba walo mfana etshela i-Indian Express.

Kepha uthishanhloko wakulesi sikole uSebastian T Joseph usivikele isinqumo sakhe, wathi ukuziphatha kwalezi zingane kuyakhathaza.

"Akuyona nje i-hug kuphela ebafake enkingeni. Laba bake bafaka izithombe ezingabukeki kahle ku-Instagram zathola o-like ababalelwa ku-900 kubafundi besikole," kusho uJoseph.

Ubaba womfana uthi yonke le nto kumele engabe iphele ngesikhathi lezi zingane zixolisa.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...