Umise izithupha enkantolo umama ebekwa icala lokubulala izingane nobaba wazo

2017-07-08 15:15

Lawrenceville – Owesifazane osolwla ngokubulala izingane zakhe ezine kanye nobaba wazo eGeorgia, eMelika, ubonakale emamatheka wase emisa izithupha ngesikhathi evela okokuqala enkantolo.

Lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu, wabe esetshela ijaji ukuthi akamdingi ummeli.

Izikhulu ezilawula abantu abangenayo ezweni zithi lo wesifazane, odabuka eMexico, wangena eMelika ngokungemthetho.

U-Isabel Martinez, 33, uvele ngaphambi kweMantshi yaseGwinnett County, uJaji Michael Thorpe, ngemuva kosuku amaphoyisa ebomphe mayelana nezinsolo zokugwaza izingane zakhe ezisencane kanye nobaba wazo. Enye ingane ilimale kanzima kulesi sigameko.

OLUNYE UDABA: Izingane zichithe amahora nesidumbu sikanina, kusolwa umsizi

Le ngane elimele, okuyintombazane eneminyaka engu-9 ubudala, kuthiwa ibangwa nezibi esibhedlela.

Ngaphambi kokuthi kuqale icala, uMartinez ubehlezi nezinye iziboshwa ebonakala ethakasele kakhulu ukuvela kumakhamera, emisa izindla sengathi uyathandaza aphinde avule izingalo kuhle kukaJesu ebethelwe esiphambanweni.

Ubekwe amacala amahlanu okubulala kanye nayisithupha okusebenzisa isihluku. UMartinez ubonakale emamatheka.

Omakhelwane bakhe bathi bebengasoli lutho ekutheni ngabe kukhona okungahambi kahle kulo muzi kuze kube kufika amaphoyisa ngoLwesine ekuseni esezobopha ummangalelwa.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...