Umfundisi 'unqabile ukuvula isonto asize abahlaselwe yizikhukhula'

2017-08-30 07:02

Houston - UJoel Osteen ongumfundisi onesonto iLakewood Church elimumatha abantu abangu-17 000 uthole ukugxekwa ngokuvalela ngaphandle izinkulungwane zabantu ezisale dengwane ngenxa yezikhukhula.

Leli sonto lisendaweni yaseHouston nokuyilapho okuhlasele khona isishingishane uHarvey.

Yize isimo sisibi kule ndawo, kuzwakele ukuthi isimo asibucayi kakhulu eLakewood kodwa iminyango yaleli sonto ibivaliwe ngempelasonto.

OLUNYE UDABA:Inkanyamba uDineo: Uhulumeni kumele abe nezinhlelo zokuvikela labo ababuthaka

Izindawo eziningi okubalwa kuzo izikole, amasonto kanye namahholo omphakathi asetshenziswa njengendawo yokukhoselisa labo abaphuma emakhaya akhahlanyezwe yizikhukhula.

Leli sonto elaliyinkundla ye-NBA alizange livulelwe umphakathi njengoba bekulindelekile, kwazise bebeswele.

NgeSonto leli bandla labhala enkundleni yezokuxhumana u-Facebook ukuthi livaliwe ngenxa yezikhukhula, kodwa lakhipha uhlu lwezindawo ezivuliwe ukusiza abantu, kubika i-Abc13.com.

Nokho u-Osteen uphikile ukuthi bafinyeze isandla bahluleka ukusiza abantu, wathi bazofakwa abantu kuleli sonto uma sezigcwele ezinye izindawo abakhoseliswa kuzo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...