Umfana ona-4 udubule unina

2016-03-10 10:04

Miami – Umfana oneminyaka emine ubudala udubule ngephutha umama wakhe emhlane, walimala kabi, kanti futhi angase athweswe icala, kusho amaphoyisa ngoLwesithathu.

Ummeli weStaunch, uJamie Gilt, 31, obesanda kufaka enkundleni yezokuxhumana ukuthi ingane yakhe inekhono lokusebenzisa isibhamu, ubehamba nendodana yakhe ebihleli ngemuva emotweni ngesikhathi imdubula ngoLwesibili.

Funda nalolu daba: Limugile igoda isoka obeyobeletha

"Uphenyo lwethu luvele ukuthi isibhamu sisemthethweni kanti ingane isithathe kunina engazi,”kuho amaphoyisa esitatimendeni.

UGilt ulimale kabi kanti amaphoyisa abengakakwazi nokukhuluma naye esibhedlela.

Kodwa axwayise ngokuthi angase athweswe icala uma esetholile ukuthi kwenzakaleni.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...