Umfana, 10, udubule udadewabo, 6, ethi uyadlala

2018-01-05 14:02

Pennsylvania - Amaphoyisa abophe indoda okusolwa ukuthi yashiya obala isibhamu sayo endaweni okunezingane kuyo.

Kubikwa ukuthi isibhamu satholwa yingane yomfana eneminyaka engu-10 ubudala eyasithatha yadubula ngaso udadewabo oneminyaka engu-6 ubudala ezitshela ukuthi yisibhamu sethoyizi.

Iziphathimandla zithi i-US Marshals Fugitive Task Team zivalele uTremayne James esitokisni eHarrisburg, ePennsylvania ngoLwesine.

UJames uthwese icala lokuthatha impahla eyebiwe, ukubeka engcupheni impilo yezingane nobudedengu.

OLUNYE UDABA:Umfana,12, udubule wabulala umngani eThekwini

Amaphoyisa abizelwa emzini oseHarrisburg ngomhlaka-7 Disemba lapho afica khona intombazane idindilize phansi, umama wayo ezama ukuyihlenga.

Intombazane yangeniswa esibhedlela isesimeni esibucayi nenxeba lokudutshulwa esifubeni. Kulindeleke ukuba ilulame kahle.

Ayitholakalanga eminye imininingwan evela kummeli womsolwa.


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...