Umbulali wanengwa ukubona izitabane ziqabulana - Umbiko

2016-06-14 07:16

Orlando -  Uyiso wowesilisa ovulele ngenhlamvu ekilabhini yezitabane eFlorida ukholelwa wukuthi indodana yakhe ibiholwa inzondo ngezitabane hhayi ukholo lwakhe lobuMuzilemu.

“Lento ayihlangene nokholo,”kusho uMnuz Seddique etshela abe-NBC News.

OLUNYE UDABA:Zacishe zabambana 'ngamawashingi' izitabane zodumo eThekwini emcimbini

Lo baba uthe indodana yakhe u-Omar Mateen ubesanda kubonisa ukudinwa kwakhe ebona izitabane ziqabulana eMiami kanti ucabanga ukuthi ilokhu okumenze wenza lesi senzo esibi kangaka.

“Ngesikhathi ebabona beqabulana phambi komkakhe nengane yakhe, wavele wadinwa into ongakaze uyibone,”kusho yena.

UMateen ubulale abantu abangu-50 ekilabhini ebigcwele iphuphuma iPulse kwalimala abanye abantu abangu-53 ngaphambi kokuba amaphoyisa amdubule, kubika iTimeslive.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...