Umbani ubulale abantu abangu-11

2017-08-01 07:00

New Delhi – Kushone okungenani abantu abangu-11 empumalanga yeNdiya njengoba izingxenye zezwe zibamba ziyeka kulandela ukuhlasela kwezikhukhula ezinkulu ezishiye amakhulu eshonile kwathi izigidi zasala dengwane, kusho izikhulu ngoMsombuluko.

Izisulu bezisebenza emasimini e-Odisha ngesikhathi zishaywa wumphezulu, kusho isikhulu sophiko lwezinhlekelele ezweni.

Kulesi sigameko kuphinde kwalimala abantu abangu-15.

“Isibalo sabashonile singase sikhuphuke ngenxa yokuthi abanye abalimele babangwa nezibi,” kusho u-AK Das, oyinhloko yalolu phiko, etshela i-AFP.

Lesi sifunda esithintekile sithikamezeke kakhulu yizikhukhula eziqhubekayo nokuhlasela izingxenye zezwe.

Uzamcolo olokhu wehle njalo usudale umonakalo omkhulu ezweni, kwacekeleka phansi imigwaqo, ugesi kanti bababelwa ku-700 abantu okubikwa ukuthi bashonile ngenxa yezikhukhula.

IZITHOMBE:

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...