Umama uthole ingane yakhe ilunywa yinhlwathi embhedeni

2016-02-24 13:31

Macksville – Umama uvuswe ukuqandula kwengane yakhe ebusuku, wathi uma eyobheka wathola inhlwathi enkulu iluma ikhanda le ngane yakhe eMacksville, e-Australia.

Ngokusho kweDaily Mail, umama wale ngane yomfana, uTammy, ube esegxavuna lo holokoqo wawubeka eceleni.

Umfana, 6, kuthiwa ubelele ubuthongo ngesikhathi le nyoka imluma ikhanda nesandla.

OLUNYE UDABA: Itholakele inhlwathi eyodwa eSandton

Umama wakhe uthe uma ezwa ingane ikhala, wayobheka wathi uma efika wazithela phezu kwale nyoka, wayithatha wayijikijela eceleni wase ecela usizo.

Iphephandaba iThe Telegraph libike ukuthi umngani kaTammy, uCraig Baker, nguye obulale le nyoka.

Isithombe sayo babe sebesifaka enkundleni yokuzhumana uFacebook.

Le ngane iphuthunyiswe esibhedlela.

le nyoka ibingamamitha amathathu ubude.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...