Umama usolwa ngokuqoba indodakazi

2017-12-26 14:11

Hong Kong - Owesimame uboshiwe ngemuva kokuba amaphoyisa athole indodakazi yakhe eneminyaka engu-12 iqotshiwe.

Ngokubika kwephephandaba iCoconuts, lo wesimame, 37 wabanjwa ngeSonto eledlule efulethini lakhe elise-Hong Kong nalesi sidumbu sesiqala ukubola.

Bekukhona ikhanda kanye nezinye izicubu zomzimba.

Kwadingeka ukuba amaphoyisa agqekeze emzini wakhe ukuze angene futhi lomama ubengafuni ukusebenzisana nawo.

OLUNYE UDABA: Kushone owesilisa nengane engozini eyenzeke ngoKhisimusi ekuseni

Kuthiwa lawa maphoyisa abizwa ngomakhelwane ngemuvakokuba lo wesimame waboleka umakhalekhukhwini wengane kamakhelwane esola ukuthi kukhona abamubheke ngelokhozi futhi wayefuna ukuxhumana nomyeni wakhe.

Izicubu zomzimba wale ngane bezisendlini yokugezela ziqotshiwe futhi bezihanjiswa nge-drain yamanzi.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...