Umama ushayise ingane yakhe ngephutha yashona

2017-10-25 18:00

Ohio – Iziphathimandla zithi owesifazane ushayise wabulala ingane yakhe, 5, ngemoto ngesikhathi igijimela phambi kwemoto esanda kuyehlisa esikoleni.

Ingane yomfana ishayiswe yimoto ekuseni ngoLwesibili e-Ohio ngaphandle kwaseSaint Francis de Sales School eCoventry Township, budebuduze nase-Akron.

Okhulumela amaphoyisa aseSummit County uthi umfana ushonele endaweni yesigameko.

Iziphathimandla azizange zilisho igama lengane ngaleso sikhathi.

OLUNYE UDABA: Ulivumile icala owabulala omunye kubangwa ukudla

Amaphoyisa athi uphenyo lwakamuva luveza ukuthi izidakamizwa, utshwala kanye nesivivini esiphezulu, kungenzeka ukuba kubeyibambela yokushayiseka komfana.

Aphinde athi ayaqhubeka nokwenza uphenyo ngesigameko.

I-WEWS-TV kodwa ibike ukuthi abaphenyi bathi umama akulindelekile ukuba abhekane namacala.

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...