Umama uphonse ingane ngewindi isuka esitezi sezi-9 kusha ibhilidi

2017-06-14 16:00

London – Abahlali basentshonalanga neKensington, nokuyilapho obekusha khona ibhilidi ubuhanguhangu enhlokodolobha yaseNgilandi, iLondon, bathi basashaqekile ngemuva kwalesi sigameko esenzeke ngoLwesithathu, kubika iHuffPost UK.

Ozibonele ngawakhe, uSamira Lamran, utshele iHuffPost UK ngesigameko lapho ebone khona umama ovele wakhetha ukuphonsa ingane yakhe phansi isuka esitezi sesi-9  ebhilidini iGrenfell Tower nalapho ibisilindwe ukunqakwa owesilisa obephansi.

Uthe: “Bekunokukhala okukhulu kanye nomuntu obekhombisa ukuthi kunowesifazane ewindini kanti ngenkathi ngibuka phezulu owesifazane obekhombisa ngokwesaba futhi ememeza, esebenzisa izandla zakhe, ngokukhuluma kwakhe ngomzimba, ukuthi ubesezojikijela ingane futhi usonge ingane yakhe ngalokho okubukeka njengeshidi noma u-blanket wabe esephonsa ingane encane ngaphandle kwewindi.

OLUNYE UDABA:BUKA: Ubumayemaye ibhilidi lisha ubuhanguhangu kunabantu phakathi

“Ilungu lomphakathi, owesilisa ugijimele phambili futhi wavele nje ngomlingo wayinqaka ingane ngesikhathi esifanele kwase isithunzi, ngicabanga ukuthi ngesikamama, saya emuva futhi lokho kube ngokokugcina esikubonile.

“Anginaso isiqiniseko sokuthi lo wesilisa wenzeni ngengane kodwa ingane ithathwe ngokuphepha.”

Omunye umhlali, igama lakhe okunguZara, uthe ubone owesifazane ephonsa umfanyana wakhe oneminyaka engu-5 ubudala, esuka ewindini lesitezi sesihlanu noma sesithupha.

Utshele iLBC radio: “Omunye wesifazene uphonse indodana yakhe ngaphandle kwewindi. Ngicabanga ukuthi ikahle. Ngicabanga ukuthi kungenzeka ukuthi ibe namathambo aphukile kanye nemihuzuko.

Uqhubekile: “Bekunomunye wesifazane obememeza ‘ingane yami, ingane yami, ngidinga ukuphumela ngaphandle, ngidinga ukuhlenga ingane yami.’

“Kodwa besizibukela nje phezulu. Besingakwazi kwenza lutho. Ayikho into ebesingayenza.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Heavy rain late. Mostly cloudy. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 12-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...