Umama ugwaze wabulala izingane zakhe

2018-02-06 19:25

Brockton, Massachusetts – Amaphoyisa athi owesifazane waseMassachusetts ugwaze wabulala izingane zakhe ezimbilu, wabe esecela omakhelwane ukuba bafonele i-911.

Iziphathimandla zithole izidumbu zezingane ngoMsombuluko endlini eseBrockton.

Amaphoyisa athi izelamani zabafana, ezineminyaka emihlanu nengu-8 ubudala, zibulawe ngempelasonto.

Unina, Latarsha Sanders, 43, kulindeleke athweswe amacala okubulala namhlanje ngoLwesibili eBrockton.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abafundi ngokufa komunye ethoyilethi lesikole

Bekungakacaci ukuthi ngabe unaye yini ummeli.

Abashushisi bathi unenye ingane yesithathu  kodwa wesifazane, kodwa yona iphephile.

OwePlymouth District Attorney, uTimothy Cruz, uthi luyaqhubeka uphenyo ngembangela yowesifazane yokubulala izingane zakhe.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...