Umama ubulale izingane, wehluleka ukuzibulala

2016-03-23 11:29

Dallas – Owayengunkosikazi womculi wase-Ukraine, uVadym Kholodenko, kusolwa ukuthi  uklinye izingane zakhe ngaphambi kokuba azame ukuzibulala naye emzini waseFort Worth, ngokusho kombiko wamaphoyisa.

USofya Tsygankova,31, uthweswe amacala okubulala ngoMsombuluko, ngokufa kukaNika, 5, noMichela, 1.

Usesibhedlela lapho athola khona ukwelashwa amanxeba okusolakala ukuthi uzilimaze yena wona, kusho amaphoyisa aseBenbrook.

Funda nalolu daba: Kusolwa idelakufa ngokwenzeke eBrussels

Amaphoyisa athi izingane azithole emagunjini ehlukene kanti bekubukeka sengathi kade zifile, futhi eduze kwamakhanda ezidumbu bekunemiqamelo.

Utshele amaphoyisa ukuthi: “bengingasaliboni ikusasa nezingane zami”, wavuma ukuthi uzilimaze yena nokuthi uphuze inqwaba yamaphilisi.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- Reuters

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-24°C Showers late. Broken clouds. Mild.
Jhb: 12-22°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 19-22°C a few tstorms. Decreasing cloudiness. Cool. PE: 11-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...