Ulivumile icala owabulala omunye kuxatshanelwa ukudla

2017-10-24 11:00

Akron — Isitshueni sasekolishi elise-Ohio, eMelika, silivumile icala lokubhokoda ngommese labulala esinye isitshudeni esasihlala naso endlini ngemuva kwengxabano kubangwa ukudla.

Lesi sitshudeni sase-University of Akron, uKendal Scheid, sivume icala lokubulala ngokungenhloso ngoMsombuluko elaholela ekushoneni kukaDuncan Unternaher, 23.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe isitshudeni e-UJ

Amaphoyisa athi la bangani babephuzile ngesikhathi kuqubuka ingxabano mayelana nokudla ababekuthengile ngoDisemba wonyaka owedlule.

Ummeli kaScheid uchaze lesi sigameko njengesiyibhadi, wathi laba bese behlale ndawonye iminyaka emibili kuleli gumbi okwashonela kulo umufi.

UScheid, 23, angase athole isigwebo esingafinyelela eminyakeni engu-11 uma esehliselwa isigwebo ngoDisemba.


- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-30°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 16-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...