Ulahlwe yicala owanxusa ukuba isoka lizibulale

2017-06-17 11:00

Taunton – Owesifazane owayethumelela isoka lakhe imiyalezo elinxusa ukuba lizibulale, ulahlwe yicala lokwenza umuntu ukuba azibulale ngoLwesihlanu.

Ijaji lenkantolo yezigane lithole ukuthi uMichelle Carter wabayimbangela yokufa kukaConrad Roy III.

UCarter ukhihle esikaNandi ngesikhathi ijaji lichaza ngesinqumo salo kodwa ubesethule ngesikhathi kwehliswa isinqumo.

Inkantolo ithe uCarter, oseneminyaka engu-20 ubudala, angaqhubeka nokuhlala ngaphandle ngokuthi akhiphe imali yebheyili kodwa yakhipha umyalelo wokuba angaxhumani nomndeni kamufi futhi angalinge aye kwesinye isifunda.

OLUNYE UDABA: Zibulale ojele iziboshwe ezeqe zihanjiswa kwelinye ijele

UCarter ubhekene nesigwebo seminyaka engafinyelela kwengu-20 ebhadla ejele.

UCarter wayeneminyaka engu-17 ubudala ngesikhathi ethumelela uRoy inqwaba yemiyalezo ethi akazibulale ngo-Julayi 2014

URoy, 18, watholakala eshonile ngemuva kokuzibulala nge-carbon monoxide emotweni yakhe eyayipake eFairhaven.

Kweminye yemiyalezo kuthiwa uCarter watshela uRoy ukuthi uyazi ukuthi ufuna ukufa, ngakho akazibulale ngoba isikhathi sakhe sesifikile. 

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...