Ulahlwe yicala owamiswa emsebenzini wabuya wazobulala uzakwabo

2017-10-01 16:30

Norman, Oklahoma – Owesilisa osolwa ngokushumpula uzakwabo ikhanda ulahlwe yicala lokubulala ngoLwesihlanu ngesigameko sango-2014 esichazwe ngomunye wofakazi njengesingafanelwe ukubonwa ngabantu.

Amajaji kuwathathe amahora amabili ngaphambi kokuba amthole enecala u-Alton Nolen,33, lokubulala uColeen Hufford,54.

Amajaji aphinde amthola enecala uNolen lokushaya nangokuzama ukunquma omunye futhi uzakwabi ikhanda eVaughan Foods eMoore, e-Oklahoma City.

OLUNYE UDABA: Ukhethe ukuzishada yena owesifazane ongamtholi umaqondana

Abashushisi bazwakalise ukuthi bafuna athole isigwebo sentambo umsolwa.

Abaphenyi bathi uNolen wayemisiwe emsebenzini ngesikhathi efika emahhovisi enkampani wahlasela uHufford.

Iziphathimandla zithi uNolen wagwaza omunye futhi uzakwabo, owasinda. Imenenya yenkampani yabe isimdubula uNolen, walimala.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...