Ukwethuka ubaba eshaywa wumbani emshadweni wendodakazi

2017-07-14 19:29

Toronto – Kube nokwethuka okuncane ngesikhathi ubaba kamakoti eshaywa wumbani esathula inkulumo emshadweni wendodakazi yakhe obubanjelwe epulazini lakhe lama-aphula eNew Brunswick, eCanada.

"Ngithe ngisatshela umkhwenyana wakwami ukuthi uyindoda enenhlanhla ngivele ngezwa umsindo omkhulu,” kusho u-JP Nadeau etshela umsakazeli womphakathi kuleliya lizwe.

Ngaphandle kwesibazi esisesithupheni sakhe, uNadeau uthi akazange alimale kanti futhi umshado uqhubeke ngaphandle kokuphazamiseka.

“Bengiphethe umbhobho ngikhuluma ngase ngibona umbani ushaya phansi, isandla sami saba nezinhlansi,” esho etshela i-CBC.

OLUNYE UDABA: Ubhubhisile umbani KwaNongoma

“Ubungafunga ukuthi ngiphethe umbani ngesandla ngendlela okwenzeke ngayo, bekuyisimanga ukubona into enjeya,” elandisa ngalesi sigameko esenzeka ngomhlaka-8 Julayi.

"Ubumuhle umshado yize sicishe samelwa yizinhliziyo,” kusho umkakhe uMaggy Thomas.

Uma echaza uNadeau uthi ungumuntu onenhlanhla njengoba ngo-2015 umkhumbi ayesebenza kuwo wagqamuka amalangabi wahlengwa ngamasosha aseBrithani ombutho wasemoyeni.

“Sekukaningi ngibhekana nokufa, kepha kugcine kungishalazela,” esho.

 

 

 

- BBC

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...