Ukuzivocavoca kwehlisa amathuba okushona kwabesifazane asebekhulile
2018-01-28 13:31
London - Abesifazane asebekhulile ngokweminyaka, abazinikeza isikhathi sokuzivocavoca, basemathubeni amahle okuphila isikhathi eside uma beqhathaniswa nontanga yabo abangayinaki eyokuzivocavoca, kusho ucwaningo lwaseMelika.
Lolu cwaningo lwenziwe ngabesifazane abangaphezu kuka-17 700 kanti abangu-72 kubona bacelwa ukuba bagqoke ama-accelerometers (okuyithuluzi elikala umnyakazo womuntu) zonke izinsuku.
Abacwaningi balandela laba besifazane cishe iminyaka eyevile kwemibili. Kuleso sikhathi kwashona abesifazane abangu-207 kubona.
OLUNYE UDABA: Ucwaningo luveza umkhuba omusha ogilwa uma kwenziwa ucansi
Kuthe uma abacwaningi sebehlukanisa laba besifazane bababeka emaqoqweni amane ehlukene, bathola ukuthi labo abazikhandlayo uma bezivocavoca, baqhelelene ngo-70% nokufa.
Abukho ubufakazi bomehluko wempilo kulabo abazivocavoca kancane.
“Indaba yokuthi ukuzivocavoca ngokuzikhandla kwehlisa izinga labantu abashona besebancane, ayiyona into entsha - sekukaningi ucwaningo luveza imiphumela efanayo," kusho umlobi walolu cwaningo u-I-Min Lee waseHarvard Medical School.
- Reuters