Ukushaqeka isiteshi senkolo sidlala izithombe zocansi

2017-03-23 16:00

Dakar -  Isiteshi sikamabonakude senkolo yamaSulumane eSenegal sithi sesimangalele abantu abangaziwa abadle i-network yabo basakaza izithombe zocansi esikhundleni sezinhlelo zenkolo okuvame ukuba zidlale.

Ababukeli be-Touba TV ngoMsombuluko ntambama bathuke kabi ngesikhathi bebona kudlala izithombe zocansi phakathi kuka-13:10 kuya ku-13:30.

OLUNYE UDABA: Kutholakale amathambo omuntu ensimini eKZN

ITouba TV ngoLwesithathu ichaze lesi sehlakalo njengobugebengu, yathi ifake isimangalo ukuze abenzi bokubi bezotholakala.

Isiteshi sithe ababukeli sibaphathe kabi lesi sigameko.

Lesi siteshi esizimele ngokuvamile sisakaza izinhlelo zenkolo yamaSulumane, okubalwa kuzona nezintshumayelo.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...