Ukushaqeka abosizo lokuqala bethola indoda ingenasandla

2017-12-03 09:00

Berlin — Iziphathimandla zaseBerlin zithi abezimo eziphuthumayo basale bebambe ongenzansi ngesikhathi bethola ucingo kumshayeli wetekisi ecelela indoda ebilimele usizo.

Bathe uma befika kule ndoda bathola ukuthi ishumpulwe isandla.

Amaphoyisa athi abosizo lokuqala baphuthumise le ndoda, elingadalulwanga igama layo, esibhedlela ngoLwesine ebusuku ukuze iyothola usizo lwezempilo ngenxa yokuthi “yophe kakhulu” kulandela ukulimala.

OLUNYE UDABA: Ushumpulwe ikhanda osolwa ngokuthakatha

Abakwasidlodlo babe sebebizwa ukuze baqalise uphenyo nokuthi bathungathe isandla sale ndoda – ebesingekho etekisini nasemotweni ephuthumisa iziguli.

Kuthe ngemuva kwesikhathi eside amaphoyisa efuna, athola isandla sale ndoda emgqonyeni kadoti.

Amaphoyisa athi anemibuzo eminingi “engaphendulwa kuphela yile ndoda elimele” kepha okwamanje isasegunjni labagula kakhulu ngakho ngeke bakwazi ukuxoxisana nayo.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...