Ukuhamba kukaMugabe 'kungasiza iZim ekutheni ingasakhishwa inyumbazane amazwe omhlaba'

2017-11-22 14:00

Washington - IMelika iphawule ngodaba lwaseZimbabwe ngoLwesibili yathi ukwesula kukaRobert Mugabe kunikeza abantu bakuleliya lizwe "ithuba eliyingqophamlando" loguquko futhi kungase kusize ekutheni iZimbabwe ibe yingxenye yamazwe omhlaba.

IWashington ibilokhu imanqika ukubiza ngokuketulwa koMbuso isenzo samasosha ashaqe amandla ngenhloso yokukhipha uMugabe esikhundleni.

"Ukwesula kukaMugabe esikhundleni kusho ukuqopheka komlando kubantu baseZimbabwe," kusho uNobhala waseMelika uRex Tillerson, njengoba imigwaqo yaseHarare ibichwaza wumsindo wenjabulo kulandela ukuvela kwezindaba zokushenxa kukaMugabe obesebuse izwe iminyaka engu-37.

"Siyababongela abantu baseZimbabwe abazwakalise amaphimbo abo baphinde bazwakalisa ngokuthula ukuthi bafuna ushintsho," esho.

OLUNYE UDABA: 'Sesingagoduka-ke manje', kusho abaseZimbabwe abahlala eGoli

"IZimbabwe inethuba eliyingqayizivele lokuqala uhambo olusha."

NgoLwesibili ntambama, uSomlomo wePhalamende uJacob Mudenda ufunde incwadi yokwesula emsebenzini kaMugabe, kwazwakala inhlokomo amalungu ePhalamende ejabulela ukuthi uyaphela uMbuso walo mholi obesengasathandwa ngabantu.

"IMelika iyayeseka iZimbabwe enokuthula, yimpumelelo futhi ebuswa yintando yeningi," esho.

"Siyanxusa ukuba wonke amaqembu azithibe futhi ahloniphe uMthethosisekelo kanye nozinzo ezweni njengoba kusabhekwe inqubekelaphambili," esho.

"Sinxusa abaholi baseZimbabwe ukuba bakhe kabusha umnotho kanye nezombusazwe ukuze kuqinisekiswe ikusasa labantu bezwe."


- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...