Ukhihlize amagwebu olunywe yinyoka emunweni

2017-04-13 12:30

London - Icishe yashona indoda elunywe yinyoka yohlobo lwebululu engamasentimitha angu-91ubude ebihlezi ngaphansi kwe-pram yamadodana ayo.

UJosh Rose oneminyaka engu-27 ubudala ubekhiphele izingane zakhe epaki entshonalanga yeLondon ngesikhathi ebona le nyoka ethathwa njengeyingozi kakhulu eBrithani.

Kodwa uRose ngesikhathi ethi uzama ukuyisusa kwi-pram ivele yanolaka yamluma umunwe.

OLUNYE UDABA: Kuzoba yihlobo elimatasa - Ongoti bezinyoka

Ngokuphazima kweso uRose ube esewa phansi wakhihliza amagwebu, inyoka yasondela eduzane namadodana akhe amabli amancane, uSebastian, 2, noLincoln, 3.

Ngenhlanhla uRose usizwe umuntu obedlula ngendlela okunguye oxoshe inyoka ngenduku ngaphambi kokubiza abosizo lokuqala.


 - Daily Mail

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-19°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Morning clouds. Refreshingly cool. Bloem: 2-19°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...