Ukhethe ukuzishada yena owesifazane ongamtholi umaqondana

2017-10-01 11:07

Rome – Owesifazane wase-Italy ushukumise umhlaba wonke ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi ukhethe ukuzishada ngoba ethi ukujabula kwakhe akuncikile kumuntu wesilisa.

ULaura Mesi, wasedolobheni elincane iLissone ngaseMilan, kukholakala ukuthi ungumuntu wokuqala ngqa kuleliya lizwe ukuzishada kulandela lo mcimbi obungesonto eledlule.

Lo wesifazane, 40, uthe ukuzishada yena uqobo – nokungathathwa njengokusemthethweni – waqala ukucabanga ngakho eminyakeni emibili eyedlule kulandela ukuhlukana nesoka lakhe leminyaka engu-12.

OLUNYE UDABA: Ufuna umaqondana othi usekhathele ukuba umakhwapheni

Utshele iLa Repubblica: wathi: “Ngabikela izihlobo zami ukuthi uma ngingamtholi umaqondana ngizozishada mina uma sengihlanganisa iminyaka engu-40 yokuzalwa.”

Uthi akayiphebezi eyokuthi kungenzeka ngelinye ilanga athole uthando kepha uthi ngokwakhe “angakwazi ukuphila impilo yamaphupho akhe ngaphandle komuntu wesilisa”.

“Uma kusasa ngithola umuntu wesilisa ozimisele ngokwakha ikusasa nami ngingajabula, kepha ukujabula kwami ngeke kuncike kuye,” esho.

UMesi uthi umndeni wakhe ubumeseka kulesi sinqumo asithathile – okubalwa nabafowabo abaqale bangayizwisisa kahle le yalo mshado.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 16-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-27°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 18-20°C Showers late. Decreasing cloudiness. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...