Ugwetshwe kanzima umama owabulalisa ingane ngendlala

2018-01-25 12:30

Cincinnati – Umama wengane yentombazane eneminyaka emibili ubudala wase-Ohio owancisha ingane ukudla waphinde wayishaya yaze yafa ugwetshwe iminyaka engu-15 kuya kudilikajele ebhadla ngaphakathi.

U-Andrea Bradley, 31, ugwetshwe ngoLwesithathu eCincinnati.

Waliphika icala lokubulala nelokubeka impilo yengane engozini ngasekuqaleni kwenyanga.

UBradley nesoka lakhe bathweswa icala ngoMashi 2015 lokubulala indodakazi yabo, uGlenara Bates.

OLUNYE UDABA: BUKA: Usobishini umfundi ophendule isondo indawo yobumnandi

Abashushisi baseHamilton County batshele inkantolo ukuthi ingane yayinezibazi zokushaywa ngebhande, nezokulunywa, ilimele ekhanda nakwezinye izindawo kanti futhi yayinesisindo esingu-5.8kg ngesikhathi ishona.

Uyise wengane, uGlen Bates, walahlwa yicala lokubulala ngo-2016, wagwetshwa isigwebo sentambo.

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C a few tstorms. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...