Ugwetshwe iminyaka engu-20 udokotela owahlinza iziguli wazishiya zikhubazekile

2017-08-04 11:00

London — Inkantolo yokudluliswa kwamacala eBhrithani yelule isigwebo sikadokotela owalahlwa amacala ngokuhlinza abantu abashiye bekhubazekile.

Udokotela usezobhadla ejele iminyaka engu-20 ngokuhlinza aphinde ashiye iziguli zikhubazekile,  ezinye zisezinhlungwini ezesabekayo.

U-Ian Paterson wayetshela iziguli ukuthi ziphethwe yisifo somdlavuza bese ezihlinza ekubeni zingenaso lesi sifo.

OLUNYE UDABA:  VIDEO: Umsolwa eluma inja yamaphoyisa ekhanda

Walahlwa amacala ngeziguli eziyishumi ngoMeyi, wagwetshwa iminyaka engu-15 ebhadla ejele.

Uhulumeni wasiphonsela inselelo isigwebo, kanti ngoLwesine amajaji enkantolo yokudluliswa kwamacala avumile ukuthi udokotela wanikwa isigwebo esincane kakhulu kungafanele.

Elinye lamajaji lithe asikho isizathu esibonakalayo esenza udokotela watshela iziguli ukuthi zinomdlavuza ekubeni kungenjalo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...