Ugwetshiwe umhlengikazi owabulala isiguli ngoba efuna umholo

2016-05-05 18:31

Beijing – Umhlengikazi waseChina olahlwe yicala lokubulala isiguli ukuze athole umholo wakhe ngaphambi kwesikhathi, unikezwe isigwebo sentambo, kusho umbiko.

Lo mhlengikazi wavuma enkantolo ngesikhathi ethula ubufakazi wathi wake wabulala ezinye iziguli eziyisikhombisa ngaphambilini.

UHe Tiandai, 46, ukuvumile ukuthi wabulala isalukazi ayesigada esineminyaka engu-70 ubudala.

UTiandai ungunesi ohambela emakhaya.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe unesi owadlwengula izaguga ezingu-27

Abashushisi bathe ngeke bamvulele amanye amacala ala bantu abayiskhombisa athi wababulala ngoba abukho ubufakazi.

Umolokazana wesisulu kuthiwa wathembisa uTiandai umholo ogcwele wenyanga uma umufi esheshe eshona.

Kuthiwa lo mhlengikazi wasebenza izinsuku ezine kuphela ngaphambi kokufunza lesi saguga isobho elinamakhemikhali ayingozi wase esihlaba ngomjovo obulalayo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-17°C Afternoon clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...