Ugwetshiwe umama owagwaza usana, walushumpula ikhanda

2017-02-25 08:40

Cincinnati — Owesifazane wase-Ohio, eMelika, owabekwa icala lokubulala ngokugwaza wase eshumpula ikhanda indodakazi yakhe enezinyanga ezintathu izelwe, ulivumile icala ngoLwesine.

Ube esegwetshwa iminyaka engu-15 ebhadla ejele.

UDeasia Watkins, 22, walivuma icala ngokubulala indodakazi yakhe ngoMashi 2015, wathi wayeyithanda kakhulu ingane yakhe.

Ngaphambilini uWatkins wayeliphikile icala wabeka isizathu sokuthi uphazamisekile emqondweni.

Inkantolo yabe isikhipha umyalelo wokuthi ayobonana nodokotela abahlola ingqondo, ngokuhamba kwesikhathi kwatholakala ukuthi ukulungele ukuquliswa icala.

OLUNYE UDABA: ‘Akazange atshengise ukuzisola ubaba owabulala usana’

Amaphepha asenkantolo atshengisa ukuthi kukhona ukuphazamiseka komqondo anakho futhi udla amaphilisi.

Ijaji lithe aliphiki ukuthi lo wesifazane uphazamisekile emqondweni, kepha icala alenza libucayi futhi ngesikhathi ebulala ingane wayazi ukuthi wenza into engafanele.

Amaphoyisa ababizelwa endaweni yesigameko, athola lolu sana lushumpulwe ikhanda ekhishini emzini eyayinakekelwa kuwo yisihlobo.

Lwalugwazwe amanxeba amaningi ngommese wasekhishini, kusho amaphoyisa.

Athi le ngane yayiphuke nengalo.

Umama wayo kuthiwa wabe esebeka ummese esandleni sayo, efuna kubonakale sengathi izibulele, kusho amaphoyisa.

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...