Ugwetshiwe umama owabulala izingane zakhe ngokuzigwilizisa kubhavu

2017-09-15 12:29

Pittsburgh -  Owesifazane wasePennsylvania owagwilizisa izingane zakhe ezimbili ezisencane ngoba ethi ufuna ukuba ngumama oqotho endodaneni yakhe endala, ugwetshwe iminyaka engu-30 kuya kwengu-80 esejele.

IJaji lase-Allegheny County, uJeffrey Manning, uthe lesi sigwebo esinikezwe uLaurel Schlemmer, 44, kuyafana nokuthi singudilikajele ngenxa yeminyaka yakhe yobudala.

Ijaji lathola uSchlemmer enecala, yize ephazamisekile emqondweni, lokubulala amadodana akhe amabili.

Ummeli walo wesifazane waseMcCandless uthi ukuphazamiseka kwekhasimende lakhe emqondweni kusho ukuthi lalingakuhlosile ukubulala izingane zakhe; oDaniel, 6, noLuke, 3, ngo-Ephreli 2014.

Umyeni kaSchlemmer nendodana yabo endala bebengekho enkantolo ngesikhathi kwehliswa isigwebo.

OLUNYE UDABA: Limgojele umama owabulala izingane zakhe ezine

UManning ukumise isikhathi esingangenyanga ukugwetshwa kukaSchlemmer ngoba esabela ukuthi kungenzeka ukuthi isimo sakhe sengqondo asikulungele lokhu.

Nokho uthi udokotela wengqondo akazange athole bufakazi bokuthi uSchlemmer wayegula ngengqondo ngesikhathi ebulala izingane zakhe.

USchlemmer kuthiwa wagwilizisa izingane zakhe ezimbili ezincane kubhavu wokugeza ngoba ethi ufuna ukuba ngumama oqotho endodaneni yakhe endala.

Kuthiwa nango-2013 wake wazama ukuzibulala lezi zingane kepha imizamo yakhe yaphunza.

Uthi ngemuva kokuphuphunyelwa yizisu kathathu, lezi zingane zakhe ezincane kwakungathi akuzona ezakhe futhi bekunzima ukuzikhulisa.



 

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...