Ugwetshiwe umama owabulala izingane zakhe ezinhlanu ngokuzigwilizisa zisanda kuzalwa

2018-03-26 16:00

Bordeaux - Owesifazane waseningizimu-ntshonalanga yeFrance owagwilizisa izingane zakhe ezinhlanu zisanda kuzalwa wabe esethukusa izidumbu zazo esiqandisini, ugwetshwe iminyaka engu-8 ebhadla ejele.

URomana Canete, 37, ubechiphiza izinyembezi ngesikhathi enxusa inkantolo yaseBordeaux ukuba yamukele uxolo lwakhe, wathi leli cala "livuse umunyu nezinto abengasathandi ukucabanga ngazo".

Wavuma ukugwilizisa izingane zakhe ezinhlanu zisanda kuzalwa, kanti amaphoyisa ahlawumbisela ukuthi lezi zigameko zenzeka phakathi kuka-2009 no-2015.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe umama owabulala izingane zakhe ngokuzigwilizisa kubhavu

Kuthiwa kusolakala ukuthi wayebelethela kubhavu wokugezela emzini wakhe bese eyazibulala izingane.

Enye yamadodakazi akhe yiyo eyathola isidumbu senye ingane sifakwe esiqandisini, kanti amaphoyisa athola ezinye ngemuva kokubizwa ngumyeni kaCanete.

Ngesikhathi kuqhubeka icala uCanete uthi akasakhumbuli kahle ukuthi lezi zigameko zenzeka kanjani, kanti umyeni wakhe okwakusolakala ukuthi wazama ukufihla ukubulawa kwalezi zingane, uthi wayengazi ukuthi unkosikazi wakhe uzithwele kuzona zonke izingane.

"Namanje angazi ukuthi yini eyamenza wathatha lesi sinqumo," kusho uJuan Carlos Canete, ongumyeni kammangalelwa.


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...