Ugwetshiwe ubaba wengane eyagezwa ngumamncane ngamanzi 'abilayo'

2017-10-11 11:03

Ohio — Ubaba womfanyana oneminyaka emine ubudala wase-Ohio, eMelika, owashona ngemuva kokugezwa ngumama wakhe ongamzali ngamanzi ashisa kakhulu, ugwetshwe iminyaka eyisikhombisa ebhadla ejele.

Lokhu kulandela ukuthi lo baba elahlwe yicala lokubeka impilo yengane engozini nelokubulala ngokungenhloso.

URobert Ritchie ugwetshwe ngoLwesibili eNkantolo yaseWarren County.

Abashushisi bathi le ndoda yaseFranklin yahluleka ukuthola imithi namaphilisi okwakungasindisa impilo ka-Austin Cooper kulesi sigameko esenzeka ngoMashi 2016.

OLUNYE UDABA: Kuzoqulwa elikamama 'owabulala' ingane ngokuyigxisha amaphilisi

Ummeli kaRitchie, uFrank Schiavone, wavikela ikhasimende lakhe ngokuthi unkosikazi kaRitchie wawufihla umonakalo awenza enganeni.

USchiavone wathi uRitchie kuyafana nokuthi naye uyisisulu futhi ubeyindoda ehlukunyezwayo.

Nokho uSchiavone uhlulekile ukuphendula izingcingo ngoLwesibili ngemuva kokwehliswa kwesigwebo sangoLwesibili ukuze aphawule.

Unkosikazi kaRitchie walivuma icala lokubulala wabe esegwetshwa iminyaka engu-18 etholoza ezikhindini.


- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...