Ugwetshiwe owesilisa owasulela abesifazane abangu-32 nge-HIV

2017-10-28 15:06

Rome - Owesilisa wase-Italy ugwetshwe iminyaka engu-24 ebhadla ejele ngemuva kokulahlwa yicala lokusulela abesifazane abangaphezu kuka-30 nge-HIV, ngemuva kokuzibandakanya nabo ocansini olungaphephile ekubeni azi ukuthi unaleli gciwane, kusho isinqumo senkantolo.

UValentino Talluto, 33, osebenza njenge-Acountant, wayenga laba besifazane esebenzisa izinkundla zokuxhumana cishe iminyaka eyishumi ngaphambi kokuba akhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngoNovemba 2015.

Amaphoyisa akholelwa wukuthi uTalluto walala nabesifazane ababalelwa ku-53 ngaleso sikhathi, wasulela abangu-32 kubona ngaleli gciwane.

Abantu besilisa abathathu ababethandana nabanye balaba besifazane babe sebesuleleka ngaleli gciwane, kanjalo nosana lomunye wesifazane elalinezinyanga eziyisishiyalombili.

OLUNYE UDABA: Ubuyele ekhaya esemithi wathola ne-HIV obethunjiwe

UTalluto kuthiwa wayehlezi enalo eqhinga lokuthi angalifaki ijazi lomkhwenyana, etshela laba besifazane ukuthi ikhondomu iyamgulisa.

Kuthiwa kokunye wayebatshela ukuthi usanda kuhlolelwa i-HIV ngakho bangakhathazeki, kutshelwa inkantolo.

Ummangalelwa uzwakalise ukuzisola ngezenzo zakhe, wathi wayengazi ukuthi ukuziphatha kwakhe kuyoba namuphi umthelela.

Abashushisi bebefuna inkantolo imnikeze udilikajele, bethi ubhebhethekisa i-HIV. Inkantolo ikuhoxisile lokhu, yamthola enecala lokusulela abantu ngesifo.

Abantu besifazane abaningi kulaba bahlolela leli gciwane ngemuva kokuzwa ngokuboshwa kukaTalluto.


- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...