Ugwetshiwe owesilisa owaluma intombi yakhe ikhala

2017-04-08 10:06

Mitchell – Owesilisa ugwetshwe iminyaka eyisikhombisa etholoza ezikhindini eSouth Dakota State Penitentiary, eMelika, kulandela ukulahlwa yicala lokuluma intombi yakhe ikhala.

Umbiko weDaily Republic uthe iJaji uBruce Anderson lithe isenzo sikaJohn Abdo asixoleleki.

U-Anderson ube esegweba u-Abdo iminyaka engu-15 kwathi eyisishiyagalombili yalengiswa kulesi sigameko esenzeka ngo-Januwari wonyaka ofile.

Izikhulu zithi u-Abdo, 30, waphinde wageva ngezinyo intombi yakhe izikhawu eziningi umzimba wonke.

OLUNYE UDABA: Ubulale intombi wafonela umndeni ukuba ulande isidumbu

Inkantolo yabe isimthola enecala lokulimaza esebenzisa isihluku ngoFebhuwari.

U-Abdo uphinde wabhanselwa ngezinyanga eziyisithupha ngecala lokweqa.

Lokhu kulandela ukuthi ahluleka ukubuyela ejele kulandela ukuyokwenza inhlolokhono yomsebenzi ngoFebhuwari 2016.

Lesi sigwebo ehliselwe sona sizobandakanya nonyaka asewuhlale ngaphakathi ejele ngesikhathi kuqulwa leli cala.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Decreasing cloudiness. Warm. PE: 16-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...