Ugwetshiwe owanikeza isoka izidakamizwa ngomlomo ejele, lashona

2017-11-25 13:03

Portland – Ugwetshwe iminyaka emibili ebhadla ejele owesifazane wase-Oregon okwashona isoka lakhe elaliboshiwe libulawa yizidakamizwa alinikeza zona beqabulana kade elivakashele ejele.

UMelissa Ann Blair no-Anthony Powell baqabulana isikhathi eside ejele ngo-2016 kanti banikezana izidakamizwa ngomlomo.

Banikezana ngomlomo izidakamizwa ezazigoqwe ngamabhalunde amancane kanti amanye awo azoqhumela esiswini sikaPowell, ngokuhamba kwesikhathi washona.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele otholakale efake inyoka ebhulukweni

Ujaji Marco Hernandez uthe isenzo sikaBlair sasiyingxenye yohlelo lukaPowell nabanye lokufaka izidakamizwa ngaphakathi ejele.

Ijaji lithe nakuba kunokuphikisana mayelana nokuthi ngabe uBlair wakwenza ngokuthanda kwakhe yini lokhu, kodwa unesandla ekufeni kukaPowell.

Umufi, 41, wayedonsa udilikajele ngecala lokubulala umkhwekazi wakhe, ngokwemiqulu yenkantolo.

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...