Ugwetshiwe owalala nowesifazane esebenzisa 'induku' eyithoyizi

2017-07-21 15:59

London - Ugwetshwe owesifazane owasebenzisa ithoyizi locansi elutha isitshudeni sesifazane wasenza sakholwa ukuthi sisembhedeni nomuntu wesilisa.

UGayle Newland, 27, ukhihle isililo ngesikhathi egwetshwa iminyaka engu-6 nesigamu ngemuva kokulahlwa yicala lokukhohlisa umuntu.

Lo wesifazane ulahlwe yicala eNkantolo yaseManchester Crown ngenyanga edlule njengoba ayebekwe amacala amathathu okulimaza umuntu ngethoyizi locansi.

OLUNYE UDABA:BUKA: Sisuse umsindo isikhangiso semoto ‘esifanise abesifazane nezimoto ezingamasekeni’

UNewland uvele wagebisa ikhanda wakhihla esikaNandi ememeza iJaji, uDavid Stockdlae, ngesikhathi kwehliswa isigwebo.

Inkantolo ilalele ukuthi uNewland wayenga isisulu esebenzisa uFacebook ezenza umuntu wesilisa, ethi unguKye Fortune ongumdlali weBasketball, eNew York.

 - Daily Mail



- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...